Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwafika uHanani, omunye wabafowethu, yena namadoda akwaJuda; ngababuza ngabaJuda abakhululiweyo ababesele ekuthunjweni, langeJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 kwafika uHanani omunye wabafowethu, yena nabantu bakwaJuda; ngababuza ngabaJuda ababesele besindile ekuthunjweni nangeJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 uHanani, omunye wabafowethu, wafika evela kwaJuda, ehamba nesigejane samadoda. Ngababuza ngabaJuda ababesinde ekuthunjweni basala kwaJuda, nangesimo seJerusalema.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 1:2
12 Referans Kwoze  

Nganika umfowethu uHanani noHananiya induna yesigodlo ukuba babe negunya phezu kweJerusalema, ngoba wayeyindoda eqotho futhi emesaba uNkulunkulu ngaphezu kwabaningi.


Abaphunyukileyo kini bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayothunjelwa kuzo, ngokuba ngiphukile izinhliziyo zabo eziyisifebe ezingishiyileyo namehlo abo aphinga nezithombe zabo; banengwe ngenxa yobubi ababenzile kuzo zonke izinengiso zabo.


Kodwa labo abababalekelayo bayakubalekela, babe sezintabeni njengamajuba aphuma ezigodini, bonke belila, kube yilowo nalowo ngenxa yobubi bakhe.


Ukuze kungabikho noyedwa owasalayo wakwaJuda owaya ezweni laseGibithe ukuba agogobale khona oyophunyuka noma osalayo ukuba abuyele ezweni lakwaJuda efisa ukubuyela kulo ukuba ahlale khona; akekho oyobuya ngaphandle kwalabo ababalekile.


Sibuye sephule imiyalo yakho, sizihlanganise nabantu balezi zinengiso na? ubungeke yini usithukuthelele uze usiqede, kungabikho nsali nophunyukayo na?


Isigodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume; amakhosi aseSodoma naseGomora abaleka, awela khona; labo abaseleyo babalekela entabeni.


Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nabo bonke abathengisi, nabakhandi bensimbi; akwasala muntu, kuphela abantu bezwe abampofu kakhulu.


Kodwa induna yabalindi yatshiya abanye kwabampofu belizwe ukuthi babe ngabalimi lezivini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite