Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 7:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ungabi mubi kakhulu, ungabi-yiziwula; ubuyakufelani isikhathi sakho singakafiki na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ungabi ngokhohlakele kwaze kweqa, noma oyisiwula; ufunelani ukufa kungakabi yisikhathi sakho na?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 7:17
15 Referans Kwoze  

Ukumesaba uJehova kwandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyafinyezwa.


Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.


owachithwa kudala, osisekelo sakhe sakhukhulwa nguzamcolo;


Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.


Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, waphela; zangena izinsizwa, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela eduze kwendoda yakhe.


U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.


Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Futhi wathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawanikela ukuba adliwe. Kuyinto encane yini ubufebe bakho,


Wayesethi kimi: “Uyakubona lokhu, ndodana yomuntu na? Kuyinto elula yini kuyo indlu yakwaJuda ukuthi yenze izinengiso ezenzayo lapha na? ngokuba bagcwalisa izwe ngobudlova, babuyela ukungiklolodela; bheka, babeka ihlumela emakhaleni abo.


UDavida wasebuyela ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka ukukhazinyuliswa kwenkosi yakwa-Israyeli namuhla, ezivezile namuhla phambi kwezincekukazi zezinceku zayo, njengokuba umuntu oyisiwula eziveza ngokungenamahloni;


Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite