Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 6:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngoba ngubani owaziyo okumlungele umuntu kulokhu kuphila, zonke izinsuku zokuphila kwakhe okuyize azidlayo njengesithunzi na? ngoba ngubani ongazi okuzakuba emva kwakhe phansi kwelanga?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 6:12
28 Referans Kwoze  

Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala.


Ngakho ngiyabona ukuthi akukho okuhle kunokuba umuntu ajabule ngemisebenzi yakhe; ngoba lokhu kuyisabelo sakhe; ngoba ngubani ozamletha ukuze abone okuzakuba emva kwakhe?


Uphuma njengembali, abune; futhi ubaleka njengesithunzi futhi akahlali.


Umuntu unjengeze, izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Kodwa kwababi akuyikuhamba kahle, futhi akayikwandisa izinsuku zakhe njengethunzi; ngoba akamesabi uNkulunkulu.


Ngoba kakwazi okuzakuba khona; ngoba ngubani ongamtshela ukuthi kuzakuba nini?


(Ngokuba singabayizolo, asazi lutho, ngokuba izinsuku zethu emhlabeni ziyisithunzi;)


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


Uthando lwabo, nenzondo yabo, nomhawu wabo sekuphelile; futhi abanasabelo phakade kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.


Ngafuna enhliziyweni yami ukuba nginakwe iwayini, kepha ngayiqondisa inhliziyo yami ngokuhlakanipha; nokubamba ubuwula, ngize ngibone ukuthi lezo zinto zaziyini kubantwana babantu ababeyakuzenza phansi kwezulu zonke izinsuku zokuhamba kwabo.


Ngihambile njengesithunzi lapho sehla; ngijikijelwa phansi njengentethe.


Izinsuku zami zinjengethunzi eliwayo; ngabuna njengotshani.


Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.


Baningi abathi: “Ngubani ozosibonisa okuhle na? Jehova, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Amadodana akhe eza enkazimulweni, yena engakwazi; futhi bathotshiswa, kodwa akakubonanga kubo.


Ukwazisile wena muntu, okuhle; UJehova ufunani kuwe ngaphandle kokuba wenze ukulunga nokuthanda uthando, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?


Khumbulani ukuthi isikhathi sami singakanani; kungani nenze abantu bonke kwaba yize na?


Iyakusikhethela ifa lethu, inkazimulo kaJakobe ayithandayo. Sela.


UJehova uyisabelo sefa lami nendebe yami; uyalonda isiphetho sami.


Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, futhi avumele umphefumulo wakhe ujabulele umsebenzi wakhe kahle. Ngabona futhi ukuthi yayivela esandleni sikaNkulunkulu.


Njengoba kukhona izinto eziningi ezandisa ize, umuntu ungcono ngani?


Konke lokhu ngakubona ezinsukwini zami eziyize: kukhona olungileyo obhubhayo ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


Hlala ngokuthokoza nowesifazane omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize akunike zona phansi kwelanga, zonke izinsuku zakho eziyize; ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokhu kuphila nasemshikashikeni wakho owenzayo phansi kwelanga.


Ngisho nesiwula sigcwele amazwi; umuntu akakwazi ukusho ukuthi kuzoba yini; futhi okuzokwenzeka emva kwakhe, ngubani ongamtshela?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite