Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 5:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ungasheshi ngomlomo wakho, futhi inhliziyo yakho mayingasheshi ukukhuluma phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngakho-ke amazwi akho kufanele abe mancane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 5:2
21 Referans Kwoze  

Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.


Ebuningini bamazwi isono asintuli, kepha obamba izindebe zakhe uhlakaniphile.


Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi namazwi amaningi kukhona okuyize okuyizinhlobonhlobo; kodwa yesaba uNkulunkulu.


U-Abrahama waphendula, wathi: “Bheka, nginqume ukukhuluma neNkosi, eluthuli nomlotha.”


Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.


Ngokuba iphupho liza ngobuningi bezindaba; izwi lesiwula laziwa ngamazwi amaningi.


Lokhu kuwugibe kumuntu odla ukudla okungcwele futhi abuze ngezifungo.


UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angigcine kule ndlela engiyihambayo, anginike isinkwa sokudla nezingubo zokwembatha,


Kodwa uNkulunkulu wethu usezulwini; Wenza akuthandayo.


Wathi: “INkosi mayingathukutheli, ngisakhuluma kanye nje: Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona.” Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabayishumi.”


Wathi kuye: “Mayingathukutheli iNkosi, mina-ke ngiyakukhuluma: Mhlawumbe kungafunyanwa abangamashumi amathathu.” Wathi: “Angiyikukwenza uma ngithola amashumi amathathu.”


UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami ngaphandle kokulibala,


Wafunga kuye wathi: “Noma yini ongayicela kimi ngiyakukunika yona, kuze kube yinxenye yombuso wami.


Futhi leli tshe engilimise libe yitshe lesikhumbuzo liyoba yindlu kaNkulunkulu; kukho konke ongipha khona, ngizakunika okwetshumi.


Uma umuntu efunga, ekhuluma ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma ukwenza okuhle, noma yini umuntu ayikhuluma ngesifungo, kufihliwe kuye; uma azi ngakho, uyakuba necala kokunye kwalokhu.


Amazwi omlomo womuntu ohlakaniphileyo anomusa; kepha izindebe zesiwula ziyakuzigwinya.


Ukuqala kwamazwi omlomo waso kuwubuwula, nokuphela kokukhuluma kwaso kungukuhlanya okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite