Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngabuye ngabona phansi kwelanga indawo yokwahlulela, ukuthi kukhona ububi; nendawo yokulunga kwakukhona ububi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:16
15 Referans Kwoze  

Ngase ngibuyela emuva, ngabona zonke izinsizi ezenzeka phansi kwelanga; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla; kodwa babengenamduduzi.


Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlanekezelwa komthetho nokulunga ezweni, ungamangali ngaleyo ndaba, ngokuba ophakeme kunomkhulu kunaye, kukhona ophakeme kunabo.


UPawuli wasesithi kuye: UNkulunkulu uzakutshaya wena ludonga olucakiweyo;


Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na?


Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale;


Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.


Ukuze benze okubi ngezandla zombili, kucela isikhulu, nomahluleli acele umvuzo; futhi umuntu omkhulu, ukhuluma isifiso sakhe esesabekayo; ngakho bayayivala.


Bafisa amasimu, bawathathe; nezindlu bazithathe; bacindezela umuntu nendlu yakhe, umuntu nefa lakhe.


Futhi umthetho uhlehlile, nobulungisa bumi kude, ngokuba iqiniso liwile ezitaladini, nokulunga akunakungena.


Konke lokhu ngakubona, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga; kukhona isikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi namazwi amaningi kukhona okuyize okuyizinhlobonhlobo; kodwa yesaba uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite