Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngiyazi ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungalethwa kukho futhi akukho okuthathwe kukho; futhi uNkulunkulu uyakwenza lokhu, ukuze abantu bamesabe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 3:14
30 Referans Kwoze  

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngokuba konke kuvela kuye, ngaye, kuye, makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


Kepha uma kuvela kuNkulunkulu, anikwazi ukukuchitha; funa nifunyanwe ningabalwa noNkulunkulu.


Ungengezi emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


ethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongenakuqamba amanga akuthembisa kungakabikho umhlaba;


Akukho kuhlakanipha, nokuqonda, nasiluleko esingamelana noJehova.


njengokwenjongo yaphakade ayimisayo kuKristu Jesu iNkosi yethu;


ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.


yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;


ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;


Kuhle ukulibamba; yebo, ungasihoxisi isandla sakho kulokhu, ngokuba lowo omesabayo uNkulunkulu uyophuma kukho konke.


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi namazwi amaningi kukhona okuyize okuyizinhlobonhlobo; kodwa yesaba uNkulunkulu.


Kunamacebo amaningi enhliziyweni yomuntu; nokho icebo likaJehova liyakuma.


Impela, ulaka lomuntu luyakudumisa;


Bonke bayakwesaba, bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu; ngoba izenzo zakhe bazozicabangela ngokuhlakanipha.


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Impongo yakhula kakhulu, kwathi lapho isinamandla, lwaphuka uphondo olukhulu; kwasekuvela ezine ezimangalisayo ngemva kwemimoya emine yezulu.


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.


UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo.


Ungavumeli umlomo wakho ukuthi wonise inyama yakho; futhi ungasho phambi kwengelosi ukuthi bekuyiphutha. Kungani uNkulunkulu ethukuthelela izwi lakho futhi achithe umsebenzi wezandla zakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite