Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 2:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngubani owaziyo ukuthi uyakuba-hlakaniphile noma isiwula na? nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikashikayo nengihlakaniphe ngawo phansi kwelanga. Nalokhu kuyize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 2:19
14 Referans Kwoze  

Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Ngakho ngiyabona ukuthi akukho okuhle kunokuba umuntu ajabule ngemisebenzi yakhe; ngoba lokhu kuyisabelo sakhe; ngoba ngubani ozamletha ukuze abone okuzakuba emva kwakhe?


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.


Ngabona lokhu kuhlakanipha phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi;


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, okuthe abanye ngokuyifisa baduka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Inkosi yabaphendula kalukhuni abantu, yasishiya iseluleko sabadala ababemnike sona;


Ngakho ngahamba ukuze inhliziyo yami idangele ngenxa yawo wonke umshikashika engawenza phansi kwelanga.


USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite