Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngiyakuthwala ukufutheka kukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze angiphendulele indaba yami, anginike ubulungisa; Uyongikhiphela ekukhanyeni, futhi ngiyobona ukulunga kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:9
36 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu.


UJehova makabe ngumahluleli nomahluleli phakathi kwami nawe, abheke, amele indaba yami, angisindise esandleni sakho.


Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.


Khona lizabuya, lihlukanise phakathi kolungileyo lomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu lalowo ongamkhonziyo.


Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.


Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.


Ngahlulele, Nkulunkulu, ungivikele esizweni esibi; ngikhulule kumuntu onenkohliso nongalungile.


Vuka, Jehova, ngentukuthelo yakho, uziphakamise ngenxa yentukuthelo yezitha zami, uvuke ngenxa yami ngenxa yokwahlulela okuyale ngakho.


Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide.


UDavide wakhuluma kuJehova lapho ebona ingelosi ishaya abantu, wathi: “Bheka, ngonile, ngenzile okubi; kodwa lezi zimvu zenzeni? isandla sakho masibe phezu kwami nendlu kababa.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya; ukuthi usuku lwakhe lokufa luyafika yini; noma ehle empini abhubhe.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze lokho akubona kufanele.


Futhi nami ngahamba ngokumelene nabo futhi ngabaletha ezweni lezitha zabo; uma izinhliziyo zabo ezingasokile zithotshiswa, bese besamukela isijeziso sobubi babo;


UJehova ulungile; ngokuba ngahlubuka emyalezweni wakhe.


Kodwa ubulungisa buyobuyela ekulungeni, futhi bonke abaqotho ngenhliziyo bayokulandela.


Mela indaba yami, ungisindise; ngiphilise ngokwezwi lakho.


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.


Ngizahambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; ngizabahola ngezindlela abangazaziyo; ngiyokwenza kube lula ubumnyama phambi kwabo, ngiqondise izinto eziyisigwegwe. Lezi zinto ngiyakuzenza kubo, ngingabashiyi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Gcina ukulunga, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukufika, nokulunga kwami ukwambulwa.


Maye kimi ngenxa yobuhlungu bami! isilonda sami sibuhlungu, kepha ngathi: Impela buhlungu, ngimelwe ukubuthwala.


UJehova waveza ukulunga kwethu; wozani simemezele eSiyoni umsebenzi kaJehova uNkulunkulu wethu.


Ngisho noma nithi ngeke nimbone, nokho ukwahlulelwa kuphambi kwakhe; ngakho uthembele kuYe.


Isho kanje iNkosi yakho uJehova, noNkulunkulu wakho omela indaba yabantu bakhe, ithi: Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokuthuthumela, inkezo yenkezo yolaka lwami; ungase ungabe usaliphuza.


O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite