Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngokuba indodana iphatha kabi uyise; indodakazi ivukela unina; umakoti umelana noninazala, nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:6
24 Referans Kwoze  

Uyise uyakwehlukana nendodana, nendodana noyise; unina nendodakazi, nendodakazi nonina; uninazala amelane lomalokazana wakhe, lomalokazana amelane loninazala.


Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.


Yebo, nomngane wami engangimethemba, owayedla isinkwa sami, wangiphakamisela isithende sakhe.


Bakhanyiselwa kuwe uyise nonina; umfokazi bamcindezele phakathi kwakho; kuwe bahlupha intandane lomfelokazi.


Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.


Kukhona isizukulwane esithuka uyise futhi esingabusisi unina.


Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubabulala.


Wasephendula wathi: Ofaka isandla sakhe kanye lami esitsheni nguye ozangithengisa.


Wonke amadoda esivumelwano sakho akulethile emngceleni; abantu ababenokuthula nawe bakukhohlisile, bakwehlula; abadla isinkwa sakho babeke inxeba phansi kwakho; akukho ukuqonda kuye.


Ngokuba ngizwile inhlamba yabaningi, ukwesaba nxazonke. Basho, babike, futhi sizobika. Bonke ababengazana nami babheka ukuthi ngime bathi: Mhlawumbe uzolingwa, futhi sizomnqoba futhi siziphindisele kuye.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo bakhohlisile; yebo, babiza isixuku emva kwakho; ningabakholwa, noma bekhuluma amazwi amahle kini.


Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina, amagwababa asesigodini ayakulihlwitha, amazinyane okhozi alidle.


UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo wakwaBenjamini angakwenza manje? makame, aqalekise; ngokuba uJehova wamyala.


Ongazinzile njengamanzi, awuyikuba mnandi; ngoba wenyukela embhedeni kayihlo; bese uyalingcolisa; wakhuphukela embhedeni wami.


Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe libe mnyama, izizwe zibe njengokudla komlilo; akakho oyakuhawukela umfowabo.


Qaphelani, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe, ningethembi kumfowabo, ngokuba yilowo nalowo abafowabo bayakucindezela nokuqothula, nabo bonke umakhelwane bahambe behleba.


Izizwe ziyakucindezelwa, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite