Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:5
37 Referans Kwoze  

U-Israyeli wahlala eShithimi, abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.


Labo abakhululwa emsindweni wabacibishelayo ezindaweni zemithombo yamanzi, lapho bayakuzwa izenzo zokulunga zikaJehova, izenzo ezilungileyo kwabakhileyo emadolobheni akhe kwa-Israyeli; khona-ke abantu bakaJehova bayakwehla baye emasangweni.


Abantu basuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala bamisa inkamba eGiligali emngceleni osempumalanga yeJeriko.


Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.


Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


abayishiyile indlela eqondileyo baduka belandela indlela kaBalami indodana kaBosori owathanda inkokhelo yokungalungi;


Jehova, ngiphilise ngenxa yegama lakho;


Ungadli isinkwa esivutshelweyo kanye nayo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa sosizi; ngoba waphuma ngokushesha ezweni laseGibhithe ukuze ukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova.


Kodwa kumelwe nicabange ngoJehova uNkulunkulu wenu, ngoba nguye onipha amandla okuzuza inotho ukuze aqinise isivumelwano sakhe asithembisa okhokho benu ngesifungo njenganamuhla.


Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla;


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


Bheka, kwenza abantwana bakwa-Israyeli baphambuka kuJehova endabeni yasePeyori ngesiluleko sikaBileyamu, kwaba khona isifo phakathi kwebandla leNkosi.


Babulala amakhosi akwaMidiyani, ngaphandle kwabaseleyo kwababuleweyo; okungukuthi u-Ewi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; UBileyamu indodana kaBeyori naye wababulala ngenkemba.


UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Woza, ngikuyise kwenye indawo; mhlawumbe kungaba kuhle kuNkulunkulu ukuthi ungiqalekisele bona ulapho.


Ngangomuso uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, ukuze abone ukuphela kwabantu elapho.


Wenza abantu bacabange ngezimangaliso zakhe: uJehova ulomusa lesihawu.


Nokulunga kwakho kuphakeme kakhulu, Nkulunkulu, wena owenze izinto ezinkulu; O Nkulunkulu, ubani onjengawe!


Qhubekela phambili umusa wakho kulabo obaziyo; nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.


Sukumani khathesi, ukuze ngikhulume lani phambi kweNkosi ngazo zonke izenzo ezilungileyo zeNkosi eyazenza kini laboyihlo.


Bamisa ngaseJordani, kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele.


Manje wena ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi? Wake walwa no-Israyeli, noma wake walwa nabo na?


IZiyoni lizahlengwa ngokulunga, labaphendukayo balo ngokulunga.


Babizela abantu emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.


Awuyikufuna ukuthula kwabo nenhlanhla yabo zonke izinsuku zakho kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite