Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zwanini nina zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinile, ngokuba uJehova ubambene nabantu bakhe; uyakulwa no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Zwanini zintaba udaba lukaSimakade, nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe, uzakuqagulisana no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:2
19 Referans Kwoze  

UJehova uphikisana noJuda, uyakuhambela uJakobe ngokwezindlela zakhe; uyakumbuyisela ngokwezenzo zakhe.


Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.


Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Owabeka izisekelo zomhlaba, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade.


Kwabonakala imisele yolwandle, izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova ngokuphephetha komoya wamakhala akhe.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uma izulu lingalinganiswa, kulandele izisekelo zomhlaba phansi, ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli ngakho konke abakwenzileyo,” usho uJehova.


Umsindo uyafika emikhawulweni yomhlaba; ngokuba uJehova ubambene nezizwe, uyakulwa nayo yonke inyama; Uzanikela ababi enkembeni, kutsho uJehova.


Ngalokho ngisakhuluma kini, usho uJehova, ngilwe nabantwana babantwana benu.


Ngikhumbule; asilwe sodwa; ngimemezele, ukuze uthiwe ulungile.


Manje, nina bakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda, yahlulelani phakathi kwami nesivini sami.


Lapho eyala ulwandle ukuba amanzi angeqi umyalo wakhe, lapho emisa izisekelo zomhlaba.


Umhlaba wazamazama, wazamazama; izisekelo zezulu zanyakaza, zazamazama, ngokuba wayethukuthele.


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


UJehova uyasukuma ukuze akhulume futhi uyasukuma ukuze ahlulele abantu.


Zwanini akushoyo uJehova; Vuka, ulwe phambi kwezintaba, amagquma ezwe izwi lakho.


Wabamba umfowabo ngesithende esiswini sikanina, ngamandla akhe waba namandla kuNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite