Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 5:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Isandla sakho siyakuphakanyiswa phezu kwezitha zakho, futhi zonke izitha zakho ziyonqunywa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, zinqunywe zonke izitha zakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, ziqedwe nya zonke izitha zakho.

Gade chapit la Kopi




UMikha 5:9
15 Referans Kwoze  

Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.


Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; isandla sakho sokunene siyakufumana abakuzondayo.


Kepha bayakundizela emahlombe amaFilisti ngasentshonalanga; bayophanga abasempumalanga kanyekanye; bayakubeka isandla sabo phezu kuka-Edomi noMowabi; abantwana bakwa-Amoni bayakubalalela.


Vuka, Jehova; O Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho; ningabakhohlwa abathobekileyo.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.


Manje ngizovuka, kusho uJehova; manje ngiyakuphakanyiswa; manje ngiyakuziphakamisa.


Futhi ngiyobuyisela isandla sami phezu kwakho futhi ngigeze amabibi akho ngisuse wonke amathini akho.


Ngakho wabaphakamisela isandla sakhe ukuze abawise enkangala.


Ngiyakugumbuqela isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yezizwe; ngiyakugumbuqela izinqola nabagibele kuzo; amahhashi nabagibeli bawo bayokwehla, kube yilowo nalowo ngenkemba yomfowabo.


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, umnsalo wokulwa unqunywe; futhi uyokhuluma ukuthula kwabezizwe; ukubusa kwakhe kuyakuba kusukela olwandle kuze kufike elwandle, futhi kusukela emfuleni iNayile kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite