Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 5:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi bayobhubhisa izwe lase-Asiriya ngenkemba kanye nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo; kanjalo uyakusikhulula e-Asiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho engena ezweni lethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo, Uyakusihlenga e-Asiriya, lapho litheleka ezweni lethu, nalapho linyathela emingceleni yethu.

Gade chapit la Kopi




UMikha 5:6
26 Referans Kwoze  

ukuthi ngiyakwephula umAsiriya ezweni lami, ngimnyathele ezintabeni zami; khona ijoka lakhe liyakumuka kubo, nomthwalo wakhe emahlombe abo.


Ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi;


Ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo;


Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, abhubhise i-Asiriya; futhi uyokwenza iNineve libe ihlane nelome njengehlane.


Iphi indawo yokuhlala yezingonyama nedlelo lamabhongo ezingonyama, lapho kwahamba khona ingonyama, yebo, nebhongo lengonyama, newundlu lengonyama, kungekho obesabisa na?


Maye kinina eniphangayo, ningaphangwa; futhi benza ngokukhohlisa, futhi abazange bakhohlise kuwe! uma uyeka ukuphanga, niyakuba yimpango; futhi uma uyeka ukwenza ngokungathembeki, bayokwenza ngokungathembeki kuwe.


Abantu bayakubathatha, babayise endaweni yabo; indlu ka-Israyeli iyakubadla ezweni likaJehova njengezinceku nezincekukazi; futhi bayobusa phezu kwabacindezeli babo.


Ngakho uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya, ezambamba uManase emeveni, zambopha ngamaketanga, zamyisa eBabele.


Ezinsukwini zikaPheka inkosi yakwa-Israyeli, uThigilati-Phileseri inkosi yase-Asiriya wafika wathatha i-Ijoni ne-Abela Beti-maga neJanowa neKedeshi neHazori neGileyadi neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, futhi bathatha i-Ijoni. Wayiswa ekudingisweni e-Asiriya.


Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.


Khona uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wasuka wahamba, wabuya, wahlala eNineve.


Ukufundisa kwami kuyakuconsa njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengemvula etshanini nanjengezihlambi etshanini.


UKushe wazala uNimrodi; waqala ukuba namandla emhlabeni.


Emva kwamazwi ami abaphindanga bakhuluma; lenkulumo yami yawela phezu kwabo.


Uyakwehla njengemvula otshanini obunqunyiwe, njengezihlambi ezinisela umhlaba.


Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.


Kodwa kuzakuba khona okwetshumi kulo, njalo lizabuya lidliwe: njengesihlahla setiye lanjengesihlahla se-okhi esiluthuli lwaso lapho sivuthulula amahlamvu awo; kanjalo inzalo engcwele iyakuba yimpahla yayo.


Ukhona yini phakathi kwezithixo eziyize zabezizwe onganisa imvula na? noma izulu linganisa imvula na? Akuwena, Jehova Nkulunkulu wethu? ngalokho siyakulindela wena, ngokuba nguwena owenza zonke lezi zinto.


Ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abadabukileyo nabampofu, abayakwethemba igama likaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite