Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lowo uyakuba ngukuthula, lapho umAsiriya engena ezweni lakithi; uma enyathela ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezinduna eziyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukuthula kuyakuba yilokhu: lapho umAsiriya engena ezweni lakithi, anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Lokhu kuyakuba ngukuthula: kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu, linyathela ezinqabeni zethu, simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi




UMikha 5:5
31 Referans Kwoze  

Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.


Intukuthelo yami yavuthela abelusi, ngahambela ezimbuzini, ngokuba uJehova Sebawoti wahambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, wabenza babe njengehhashi lakhe elihle empini.


Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, umnsalo wokulwa unqunywe; futhi uyokhuluma ukuthula kwabezizwe; ukubusa kwakhe kuyakuba kusukela olwandle kuze kufike elwandle, futhi kusukela emfuleni iNayile kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Nika inxenye abayisikhombisa nabayisishiyagalombili; ngoba kawazi ukuthi kuyini okubi okuzakuba emhlabeni.


Uzakusindisa ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, kwabayisikhombisa akuyikukuthinta okubi.


Amabutho asezulwini amlandela ekhwele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengeziko phakathi kwezinkuni nanjengobhaqa esithungwini; ziyodla bonke abantu nxazonke, kwesokudla nakwesokunxele, futhi iJerusalema liyophinde lihlalwe endaweni yalo, eJerusalema.


Uma ngimelulele uJuda, ngigcwalise umnsalo ngo-Efrayimi, namadodana akho, Siyoni, ngiwaphakamisele amadodana akho, Greece, ngikwenze ube njengenkemba yendoda enamandla.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeGaza, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba bathumba bonke abathunjwa ukuze babanikele kuEdoma.


Usho kanje uJehova; Eziphambekweni ezintathu zaseDamaseku nangezine angiyikukubuyisa isijeziso sayo; ngoba babhula iGileyadi ngezibhulo zensimbi.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyohlumisela uDavide iHlumela lokulunga; futhi uyokwenza ubulungisa nokulunga ezweni.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu kufunyanwa ulele ehlukuzweni, nokuthi: ‘Ungawubhubhisi; ngokuba isibusiso sikuyo; ngiyakwenza kanjalo ngenxa yezinceku zami, ukuze ngingababhubhisi bonke.


Ngakho bayolesaba igama likaJehova kusukela entshonalanga nenkazimulo yakhe kusukela ekuphumeni kwelanga. Lapho isitha sifika njengozamcolo, uMoya kaJehova uyakusiphakamisela ibhanela.


Othi ngoKoresi: Ungumalusi wami; nasethempelini: Isisekelo sakho siyakubekwa.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Kukhona izinto ezintathu ezihamba kahle, yebo, ezine ziqhubeka kahle:


Kukhona izinto ezintathu ezimangalisa kakhulu kimi, yebo, ezine engingazaziyo:


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza; nokuchichima kokuthula uma nje inyanga.


Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye.


ukuthi ngiyakwephula umAsiriya ezweni lami, ngimnyathele ezintabeni zami; khona ijoka lakhe liyakumuka kubo, nomthwalo wakhe emahlombe abo.


Futhi uyodabula ulwandle ngosizi futhi ashaye amagagasi olwandle, futhi zonke izizinda zomfula ziyokoma; nokuzigqaja kwe-Asiriya kuyakwehliswa, nentonga yobukhosi yaseGibithe iyomuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite