Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 4:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Manje ukhalelani ngokuzwakalayo? Ayikho inkosi kuwe? ufile umeluleki wakho na? ngoba usizi lukubambile njengobelethayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na? Ayikho inkosi kuwe, ubhubhile umluleki wakho, lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Kungani manje usukhala ubuqanduqandu na? Awunayo yini inkosi, noma useshabalele yini umeluleki wakho, ngoba usubanjwe yimihelo njengobelethayo na?

Gade chapit la Kopi




UMikha 4:9
20 Referans Kwoze  

Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Ngokuba manje bayakuthi: ‘Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; khona-ke inkosi ingasenzani?


Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emithonjeni yabo, esasho ngaye ukuthi: ‘Emthunzini wakhe siyakuhlala phakathi kwezizwe.


Inkosi yaseBabele yezwa umbiko ngabo, izandla zayo zaxega;


Wena owakhileyo eLebanoni, owakha isidleke sakho emisedarini, yeka ukuthi uzakuba lesihawu lapho ubuhlungu bukwehlela, ubuhlungu bobelethayo!


Koze kube nini ngibona ibhanela futhi ngizwa ukukhala kwecilongo?


Njengowesifazane okhulelweyo esesondela esikhathini sokubeletha, usezinhlungwini futhi ukhale ezindleleni zakhe; saba njalo phambi kwamehlo akho, Jehova.


Ngakho izinkalo zami zigcwele usizi; imihelo ingibambile njengobelethayo; Ngaphatheka kabi lapho ngiyibona.


Bazakwesaba; omaye nezinsizi ziyakubafica; bayakuba sezinhlungwini njengobelethayo; bayamangala omunye nomunye; ubuso babo buyakuba njengamalangabi.


Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;


Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala.


IKeriyoti ithunjiwe, nezinqaba ziyathuthumela, nezinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ngalolo suku ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ezindleleni zakhe.


Izinhlungu zokubeletha ziyakumfica; uyindodana eyisiwula; ngoba akufanele ahlale isikhathi eside endaweni yokugqashuka kwabantwana.


Ngakho-ke iyakuwanikela kuze kube yisikhathi lapho okhulelweyo esebelethile; insali yabafowabo iyakubuyela kubantwana bakwa-Israyeli.


Ngoba ngizwile ilizwi elinjengelowesifazana obelethayo, lobuhlungu obunjengokuzala kwakhe izibulo, ilizwi lendodakazi yeZiyoni, ikhala, yelula izandla zayo, ithi: Maye mina khathesi! ngoba umphefumulo wami ukhathele ngababulali.


Ngakho-ke, ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova; ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakuhlenga usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, athule, akakho omesabisayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite