Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:8
28 Referans Kwoze  

Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla;


Ndodana yomuntu, bonisa indlu yakwa-Israyeli le ndlu, ukuze ibe namahloni ngobubi bayo; futhi mabalinganise isibonelo.


Ndodana yomuntu, iJerusalema malazi izinengiso zalo,


Ngoba ngigcwele uthuli, umoya ophakathi kwami uyangiqhubezela.


Ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali.


Manje wena ndodana yomuntu, uyathanda ukwahlulela, uyakwahlulela umuzi wegazi na? yebo, kumelwe umbonise zonke izinto zakhe ezesabekayo.


Uyathanda ukubahlulela, ndodana yomuntu, uyathanda ukubahlulela na? mabazazi izinengiso zawoyise;


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;


Ngokuba bheka, ngikwenzé namuhla ube ngumuzi ovikelekileyo, nensika yensimbi, nezindonga zethusi phezu kwezwe lonke, naphezu kwamakhosi akwaJuda, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwabapristi balo, nakubantu bezwe.


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;


noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; wabaqamba ngokuthi uBowanerges, okungukuthi, amadodana okuduma;


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


ukumemezela umnyaka womusa kaJehova nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu; ukududuza bonke abalilayo;


Abaprofethi bakho babone izinto eziyize neziwubuwula ngawe, futhi ababubonakalisanga ububi bakho ukuze banqande ukuthunjwa kwakho; kodwa ngakubona imithwalo yamanga lezinto zokudingiswa.


Futhi uJehova wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyathanda ukwahlulela o-Ohola no-Oholiba na? yebo, memezela kubo izinengiso zabo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite