Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngalokho ubusuku buyakuba kini, ningabi nakubona; kuyakuba mnyama kini, ukuze ningabhuli; ilanga liyoshona kubaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono, kuhlwe kini, ningabe nisabhula; ilanga liyakushonela abaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngalokho ubusuku buyakunifikela, ningaboni mbono, ningabe nisabhula. Liyakubashonela ilanga abaphrofethi, usuku lube mnyama bhuqe kubo.

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:6
14 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova uthululele phezu kwakho umoya wobuthongo obunzima, wavala amehlo akho; Wasibekela abaprofethi nabaholi benu, ababoni.


Siphumputha njengezimpumputhe odongeni, siphumputha ngokungathi asinamehlo; siyakhubeka emini njengasebusuku; sisezindaweni eziyincithakalo njengabafileyo.


Owazala abayisikhombisa uyabuna; waphela umoya; ilanga lakhe lashona kusesemini; wema enamahloni, wema enamahloni; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni phambi kwezitha zabo,” usho uJehova.


Mnikeni inkazimulo uJehova uNkulunkulu wenu, ngaphambi kokuba enze ubumnyama, futhi ngaphambi kokuba izinyawo zenu zikhubeke ezintabeni zobumnyama, futhi lapho nifuna ukukhanya, yena akuphendule ithunzi lokufa akwenze kube mnyama.


Izibonakaliso zethu asiziboni; akusekho mprofethi, akakho phakathi kwethu owaziyo ukuthi koze kube nini.


Ububi buyakufika phezu kobubi, kube namahemuhemu phezu kwamahemuhemu; khona bayakufuna ubuso bomprofethi; kepha umthetho uyakubhubha kumpristi nomkhandlu wamalunga.


Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma khona indlala ezweni, kungabi-yindlala yesinkwa, kungabi ngokomela amanzi, kodwa eyokuzwa amazwi kaJehova.


Ningaprofethi, basho kwabaprofethayo;


Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.


Isandla sami siyakuba phezu kwabaprofethi ababona okuyize namanga; Israyeli; nizokwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite