Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, futhi ngiyakubuyela kini, kusho uJehova Sebawoti. Kepha nina nithi: “Siyakubuyelaphi na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti. “Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kusukela ezinsukwini zokhokho benu niphambukile ezimisweni zami, nangazigcina. Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini,” kusho uSimakade Wamabandla. Kodwa niyabuza nithi: “Sizobuyela kanjani na?”

Gade chapit la Kopi




UMalaki 3:7
38 Referans Kwoze  

Ngalokho uthi kubo: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukelani kimi, usho uJehova Sebawoti, ngibuyele kini, usho uJehova Sebawoti.


Kodwa kuIsrayeli uthi: Usuku lonke ngelulela izandla zami ebantwini abangalaleliyo labaphikayo.


Ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo ukulunga, abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu.


Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.


Ngokuba uma ngibangenisa ezweni engalifungela oyise ngesifungo, elivame ubisi nezinyosi; bayakudla, basuthe, bakhuluphale; bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangigcone, bephule isivumelwano Sami.


O Israyeli, phendukela kuJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uwile ebubini bakho.


Wayesefisa ukugcwalisa isisu sakhe ngamakhoba adliwa yizingulube, kepha kwakungekho muntu owamnikayo.


Buyani, nina bantwana abahlubukayo, ngizakwelapha iziphambeko zenu. Bheka, siyeza kuwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wethu.


Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke.


Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?


Ngokuba lapho ngibangenisa ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, babona onke amagquma aphakemeyo nemithi yonke eminyeneyo, banikela khona imihlatshelo yabo, bahlanjalazwa khona. Umhlatshelo; benza khona iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukwenza lokhu, okuthi, uma umuntu ekwenza lokhu, aphile ngazo; bawona amasabatha ami; ngase ngithi: Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ukuze intukuthelo yami iphumele phezu kwabo ehlane.


Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, badelela izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo; amasabatha ami bawangcolisa kakhulu;


Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe.


Ngelulé izandla zami usuku lonke kubantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engeyinhle, belandela imicabango yabo;


Kodwa kabalalelanga, bakuhlubuka, baphosela umlayo wakho ngemva kwemihlane yabo, bababulala abaprofethi bakho ababefakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izinengiso ezinkulu.


Amazwi enu ayenamandla ngokumelene nami,” usho uJehova. Kepha nina nithi: ‘Sikhulumeleni kangaka ngawe na?


Kodwa kabangilalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa benza lukhuni intamo yabo; benze okubi kunoyise.


Ngokuba ngake ngaphila ngaphandle komthetho;


Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngithuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngivuka ekuseni imihla ngemihla ngibathuma.


Uzakuthi kibo: Ngoba oyihlo bangitshiyile, itsho iNKOSI, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, babakhothamela, bangilahla, kabagcinanga umlayo wami;


Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, esizweni esihlubukayo esingihlubukileyo; bona naboyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite