Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 3:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kodwa ngubani ongabekezelela usuku lokufika kwakhe? futhi ngubani oyoba khona lapho evela? ngokuba unjengomlilo womncibilikisi, nanjengensipho yabahlanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 3:2
47 Referans Kwoze  

Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.


Lapho uJehova ehlanza ukungcola kwamadodakazi aseSiyoni futhi ehlanza igazi laseJerusalema kulo ngomoya wokwahlulela nangomoya womlilo.


Ngokuba usuku olukhulu lolaka lwayo selufikile; ngubani ongema na?


Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.


Mina ngizamemezela isinqumo: UJehova wathi kimi: Wena uyiNdodana yami; namuhla ngizalile.


olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.


Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni.


Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Kodwa lina kalimazi; kepha mina ngiyamazi; uma ngithi angimazi, ngiyoba ngumqambimanga njengani; kepha ngiyamazi, ngiyaligcina izwi lakhe.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;


Ngokuba noma ugeza ngodaka, uzithathele insipho eningi, nokho ububi bakho buphambi kwami, isho iNkosi uJehova.


Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Zisaya kothenga, wafika umyeni; lezo ezazilungile zangena laye emshadweni, umnyango wavalwa.


Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe.


Inhliziyo yakho ingama yini, noma izandla zakho zibe namandla ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo? Mina Jehova ngikukhulumile, futhi ngiyakukwenza.


Wavunyelwa ukuthi embathe ilineni elicolekileyo, elihlanzekileyo nelimhlophe, ngokuba ilineni elicolekileyo lingukulunga kwabangcwele.


Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.


Base bethi abantu baseBeti Shemeshi: “Ngubani ongema phambi kwalo Jehova uNkulunkulu ongcwele na?” futhi uyokwenyukela kubani esuka kithi?


Wena, yebo, uyesatshwa, futhi ubani oyoma phambi kwakho lapho uqala ukuthukuthela na?


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Susa amanyela esiliva, kuphume isitsha somcwengisisi.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukubavivinya, abahlambulule, abenze mhlophe kuze kube yisikhathi sokuphela, ngokuba kusengokwesikhathi esimisiweyo.


UJehova uyakuphakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, ngokuba ikamu lakhe likhulu kakhulu, ngokuba unamandla owenza izwi lakhe; ngoba usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongakuthwala na?


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando.


Impela kukhona umthambo wesiliva nendawo yegolide lapho abalicwenga khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite