Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abamesabayo uJehova bakhulumisana bodwa;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 3:16
64 Referans Kwoze  

Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Ukuzulazula kwami uyakubona, uthi: Thela izinyembezi zami embizeni yakho; ayikho encwadini yakho?


Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.


Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle;


Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.


Ngiyakusondela kinina ngokwahlulelwa; futhi ngiyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nakubafungi bamanga, nalabo abacindezela isiqashwa emholweni wakhe, umfelokazi nezintandane, nomfokazi ophambukayo esandleni sakhe sokunene futhi angesabi. Mina, usho uJehova Sebawoti.


Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Uzamlondoloza omicabango yakhe ihlezi phezu kwakho ngokuthula okupheleleyo, ngoba uthembele kuwe.


umuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.


UJehova wathi kuye: “Dabula phakathi kwedolobha, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo nabakhalayo ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwawo.”


Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.


nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;


Sebengenile bakhuphukela ekamelweni eliphezulu, lapho kwakuhlala khona oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni Zelote, uJuda umfowabo kaJakobe.


Kwaphuma umfula womlilo, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zezinkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe; ukwahlulela kwamiswa, nezincwadi zavulwa.


Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema.


Ngalobo busuku inkosi ayizange ilale ubuthongo, yayala ukuba kulethwe incwadi yemilando; zafundwa phambi kwenkosi.


Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye.


Bheka, kulotshiwe phambi kobuso bami ukuthi: Kangiyikuthula, kepha ngiyakubabuyisela esifubeni sabo,


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe.


Yebo, endleleni yezahlulelo zakho, Jehova, sikulindile; ukufisa komphefumulo wethu kungenxa yeGama lakho nesikhumbuzo sakho.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyabhubha.


UJehova uyathokoza kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Ngokuba alikho izwi olimini lwami, kepha bheka, Jehova, wena ulazi lonke.


Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, nowabagcina imiyalo yakho.


Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova; bonke abenza imiyalo yakhe banengqondo enhle; ukudunyiswa kwakhe kumi kuze kube phakade.


Ebuningini bemicabango yami kimi ukududuza kwakho kuyathokozisa umphefumulo wami.


Wozani nizwe nina nonke enimesabayo uNkulunkulu, ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe;


Abanye bathemba izinqola, abanye amahhashi, kepha thina siyakulikhumbula igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


Kodwa kwabangcwele abasemhlabeni, lakwabakhulu, engithokoza ngakho konke.


Omubi akayikumfuna uNkulunkulu ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe; uNkulunkulu akekho kuyo yonke imicabango yakhe.


Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.


Lapho indaba isiphenyisiswa, yafunyanwa; baphanyekwa bobabili emthini, kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi.


Kwakukhona enhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.


Futhi lapho nje ngisuka kuwe, uMoya kaJehova uzokuyisa lapho engingazi khona; uma ngifika ngitshele u-Ahabi, angakufumani, uyakungibulala; kepha mina, inceku yakho, ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke;


nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;


Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.


Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.


Ngithanda ukuhlabelela inkazimulo kaJehova zonke izinsuku zami;


U-Ahabi wabiza u-Obadiya, umbusi wendlu yakhe. U-Obadiya wayemesaba kakhulu uJehova;


Wathi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlelanga kimi indodana yakho eyodwa.”


Kodwa manje, uma ufuna ukubathethelela isono sabo—; uma kungenjalo, ngesule encwadini yakho oyilobile.


Kuyothi labo abasele eSiyoni, nalabo abasele eJerusalema bayobizwa ngokuthi bangcwele, wonke umuntu olotshwe phakathi kwabaphilayo eJerusalema.


Ngalalela ngezwa, kodwa abazange bakhulume kahle; akakho owaphenduka ebubini bakhe wathi: Ngenzeni na? yilowo nalowo waphendukela endleleni yakhe, njengoba ihhashi lingena emncintiswaneni.


Ngimzwile impela u-Efrayimi ezikhalela kanje; Wangilaya, ngajeziswa njengenkunzi engajwayele ijogwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyasukuma, isikhulu esikhulu esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba khona isikhathi sosizi esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; futhi ngaleso sikhathi abantu bakho bayosindiswa, bonke abayolotshwa encwadini.


Ngiyakuncenga, Jehova, ukuthi indlebe yakho mayizwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezesaba igama lakho; umusa emehlweni alendoda. Ngoba ngangingumphathizitsha wenkosi.


Lapho ngikhala kuwe, izitha zami ziyakubuya; engikwaziyo; ngoba uNkulunkulu ungakimi.


Uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite