Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nathi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kunenzuzoni ukuthi sigcine ukwahlulela kwakhe, sihambe ngokulila phambi kukaJehova Sebawoti na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Nithi: ‘Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?

Gade chapit la Kopi




UMalaki 3:14
16 Referans Kwoze  

Bathi kungani sizile ukudla, kodwa wena ungaboni? Sicindezeleleni umphefumulo wethu, wena ungazi na? Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu nifumana intokozo, nifune wonke umshikashika wenu.


“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.


Ngoba uthe: Kuzakuba yini inzuzo kuwe? nokuthi: Ngiyozuzani uma ngihlanjululwa esonweni sami na?


Ngakho-ke, manje, kusho uJehova, phendukani kimi ngenhliziyo yenu yonke nangokuzila ukudla nangokukhala nangokulila.


Ngokuba wathi: “Umuntu othokoza ngoNkulunkulu akamsizi ngalutho.”


Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.


abathi kuNkulunkulu: “Suka kithi; uSomandla angabenzelani na?


Kepha awungibizanga, Jakobe; kodwa wadinwa yimi, Israyeli.


Gcina izinyawo zakho zingagqoki, nomphimbo wakho ekomeni; kodwa wena wathi: Kakukho ithemba. Ngoba ngangibathanda abezizweni, ngabalandela.


Bathi: “Akukho themba, kepha siyakuhamba ngokwamacebo ethu, kube yilowo nalowo enze amacebo enhliziyo yakhe embi.”


Bayabuya, kepha ababuyeli koPhezukonke; banjengomnsalo okhohlisayo; izikhulu zabo ziyakuwa ngenkemba ngenxa yentukuthelo yolimi lwabo; kuyakuba yinhlekisa kubo ezweni laseGibithe.


Amazwi enu ayenamandla ngokumelene nami,” usho uJehova. Kepha nina nithi: ‘Sikhulumeleni kangaka ngawe na?


Kodwa selokhu sayeka ukushisela indlovukazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, santula yonke into futhi saqedwa ngenkemba nangendlala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite