Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi akufunyanwanga emlonyeni wakhe; wahamba nami ngokuthula nangokulunga, waphenduka kakhulu ebubini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:6
27 Referans Kwoze  

Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.


Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Kodwa uma bebemile ekululekeni kwami futhi bavumele abantu bami bezwe amazwi ami, khona-ke ngabe baphendukile endleleni yabo embi nasebubini bezenzo zabo.


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Bambuza-ke, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma ufundise kahle, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso;


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho.


Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, nolimi lwakhe lukhuluma ukwahlulela.


U-Abrama eseneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami futhi uphelele.


Lezi ziyizizukulwane zikaNowa: UNowa wayeyindoda elungile, engenasici esizukulwaneni sakhe; uNowa wahamba noNkulunkulu.


Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha?


Bayakufundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; bayonikela ngempepho phambi kwakho neminikelo yokushiswa e-altare lakho.


NgoLevi wathi: IThumimi yakho ne-Urimi yakho mayibe koNgcwele wakho owamlinga eMasa, owaphikisana naye emanzini aseMeriba;


owathi kuyise nonina: “Angimbonanga; akabazi abafowabo, akabazi nabantwana bakhe, ngokuba baligcinile izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.


Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula.


Ukwahlulela kwakho kungukulunga kwaphakade, nomthetho wakho uyiqiniso.


Useduze, Jehova; nemiyalo yakho yonke iyiqiniso.


Amadodana ka-Eli ayengamadodana kaBheliyali; babengamazi uJehova.


Ukuze ucabangele iseluleko nezindebe zakho zilondoloze ukwazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite