Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bakuletha lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana; inhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Baletha-ke lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana, nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 9:5
7 Referans Kwoze  

Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose uJehova ayala ngayo u-Israyeli.


UDavide wabutha wonke u-Israyeli eJerusalema ukuba alethe umphongolo kaJehova endaweni yawo ayewulungisele wona.


Buthani abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi osemasangweni enu, ukuba bezwe, bafunde, besabe uJehova uNkulunkulu wenu, bagcine ngokucophelela onke amazwi alo mthetho.


UMose wabakhipha abantu ekamu ukuyohlangabeza uNkulunkulu; bema phansi kwentaba.


nenkunzi nenqama kube ngumnikelo wokubonga wokuhlatshelwa phambi kukaJehova; nomnikelo wempuphu oxutshwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyakubonakala kini.


Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova aniyale ngayo ukuba niyenze: futhi inkazimulo yeNkosi izobonakala kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite