Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 8:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare nezinto zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo, ukulingcwelisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Wafafaza ngamanye i-althare kasikhombisa, waligcoba i-althare nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 8:11
13 Referans Kwoze  

eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Ngakho-ke uyofafaza izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo kuye; ngoba lokho abangatshelwanga khona, bazakubona; futhi abangakuzwanga, bayokulalela.


Kumelwe uzingcwelise, ukuze zibe ngcwele kakhulu; konke okubathintayo kuyakuba ngcwele.


Wayesethi uMose: “Makungasali muntu kukho kuze kuse.”


Kwathi lapho evuka amazolo alele phansi, bheka, kukhona phezu kogwadule into encane eyindilinga, encane njengongqoqwane emhlabathini.


Kumelwe uthathe lolu dondolo esandleni sakho ozokwenza ngalo izibonakaliso.


INkosi yasisithi kuye: Faka isandla sakho esifubeni sakho. Wasifaka isandla sakhe esifubeni sakhe; wasikhipha, bheka, isandla sakhe sasinochoko njengeqhwa.


Nsuku zonke kumelwe ulungise inkunzi njengomnikelo wesono wokubuyisana; wolihlambulula i-altare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise.


Izinsuku eziyisikhombisa kumelwe wenzele i-altare isihlawulelo, ulingcwelise; futhi kumelwe libe yi-altare elingcwelengcwele; wonke othinta i-altare uyakuba ngcwele.


Umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, phambi kwesihenqo sendlu engcwele.


Umpristi kumelwe agcobhoze umunwe wakhe kwelinye legazi alifafaze kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo.


Umpristi kumelwe agcobhoze umunwe wakhe wesokunene emafutheni asesandleni sakhe sobunxele, amanye afafaze amanye amafutha ngomunwe wakhe kasikhombisa phambi kukaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite