Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 6:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Umpristi onikela ngawo ngenxa yesono uyakuwudla; uyakudliwa endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Umphristi onikela umnikelo wesono, uyowudla endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 6:26
14 Referans Kwoze  

Badla isono sabantu bami, babeka inhliziyo yabo ebubini babo.


Wayesethi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi bayakupheka khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, lapho abayakuphekela khona umnikelo wokudla; ukuze bangalikhipheli egcekeni elingaphandle ukuze bangcwelise abantu.


Wathi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo ehlukanisiweyo, lawa angamakamelo angcwele, lapho abapristi abasondela kuJehova bayakudla khona izinto ezingcwelengcwele; nomnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala; ngoba indawo ingcwele.


Okusele kuwo kumelwe kudle u-Aroni namadodana akhe; uyakudliwa kanye nesinkwa esingenamvubelo endaweni engcwele; bayakukudla egcekeni letende lokuhlangana.


Walimisa igceke nxazonke zetabernakele ne-altare, wamisa izilenge zesango legceke. Ngakho uMose wawuqeda umsebenzi.


Anazi yini ukuthi abakhonza izinto ezingcwele badla okwethempeli na? nabakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?


Akumelwe kuphekwe ngemvubelo. Ngabanika yona njengesabelo sabo seminikelo yami yomlilo; ungcwelengcwele njengomnikelo wesono nomnikelo wecala.


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; ingcwelengcwele.


Njengomnikelo wesono, unjalo umnikelo wecala: munye umthetho wawo: umpristi owenza ukubuyisana ngawo uyakuba nawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite