Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 5:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uma umphefumulo wenza isiphambeko, wona ngokungazi ezintweni ezingcwele zeNkosi; Woletha umnikelo wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini, njengokulinganisa kwakho amashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli* esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 5:15
33 Referans Kwoze  

Lokhu bayakukunika: yilowo nalowo owadlula kwababalwayo, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele; ishekeli lingamagera angamashumi amabili; ingxenye yeshekeli izakuba ngumnikelo weNkosi.


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,


Banika izandla zabo ukwehlukanisa omkebo; futhi ngenxa yokuthi babenecala, banikela ngenqama ngesiphambeko sabo.


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; kudliwe endlini engcwele; ingcwelengcwele.


Ngokufanayo kungumthetho womnikelo wecala: ungcwelengcwele.


Wonikela ngomnikelo wakhe wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini, njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala kumpristi.


Izipho zenu ezingcwele kuphela eninazo, nezithembiso zenu, niyakuhamba niye endaweni uJehova ayakuyikhetha.


Kepha uma lowo muntu engenasihlobo segazi sokuphindisela icala, maliphindiselwe icala kuJehova, yebo, kumpristi; ngenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ngayo ukubuyisana.


Kumelwe alethe inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala kumpristi; umpristi amenzele ukubuyisana ngenxa yokungazi kwakhe one ngako, engazi, uyakuthethelelwa.


Kumelwe alungise umonakalo awenzile endlini engcwele futhi anezele kuyo ingxenye yesihlanu ayinike umpristi; umpristi kumelwe amenzele isihlawulelo ngenqama yomnikelo wecala futhi uyothethelelwa.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Kuyakuthi, uma kwenziwa ngokungazi ibandla lingazi, ibandla lonke liyakulungiselela ijongosi elilodwa libe ngumnikelo wokushiswa, libe yiphunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo walo wokudla nomnikelo walo wokuphuzwayo, ngokomthetho, nenqama eyodwa ibe ngumnikelo wesono.


Bathi: “Uma niwumukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuthumi uze; kodwa noma kunjalo nimbuyisele umnikelo wecala; khona-ke niyakuphiliswa, futhi nizokwaziwa kini ukuthi kungani isandla sakhe singasuswanga kini.


Imali yesikweletu nemali yesono akuzange kulethwe endlini kaJehova; kwakungabapristi.


Uma umhlatshelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wezinkomo, uyakuletha iduna elingenasici; woliletha ngokuzithandela phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Uma umnikelo wakhe ungowasemhlambini, owezimvu noma ezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa; kumelwe alethe owesilisa ongenasici.


Umpristi kumelwe athathe iwundlu elilodwa alilungise libe ngumnikelo wecala nelogi yamafutha akuthuthe kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


Ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuya koneminyaka engamashumi ayisithupha, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.


Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha okuhlatshwa umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite