Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 3:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yayo, ayishaye phambi kwetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni afafaze igazi layo nxazonke ze-altare.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 abeke isandla sakhe enhloko yayo, ayihlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi layo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 abeke isandla sakhe enhloko yaso, asihlabele phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi laso nxazonke ze-althare.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 3:13
15 Referans Kwoze  

Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe phambi kwetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni afafaze igazi layo nxazonke ze-altare.


Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;


Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.


nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.


Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.


Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.


Ngakho-ke uyofafaza izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo kuye; ngoba lokho abangatshelwanga khona, bazakubona; futhi abangakuzwanga, bayokulalela.


Uma umhlatshelo wakhe uyimbuzi, woyiletha phambi kukaJehova;


Kumelwe alethe kuwo umnikelo wakhe, umnikelo womlilo kuJehova; amanoni asibekela izibilini, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini;


Kumelwe abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; kuyakuthandeka kuye ukumenzele ukubuyisana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite