Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abahlanu kini bayakuxosha ikhulu, nekhulu kini lixoshe izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe ngenkemba phambi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:8
15 Referans Kwoze  

Umuntu oyedwa phakathi kwenu uyakuxosha inkulungwane; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo njengokuthembisa kwakhe kini.


UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; bayakuphumela kuwe ngandlelanye, bakubaleke ngezindlela eziyisikhombisa.


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu;


Ningahlubuki uJehova, ningabesabi abantu bezwe; ngoba bayisinkwa sethu; ukuzivikela kwabo kususiwe kubo, futhi iNkosi inathi; ningabesabi.


Lesi yisibalo samaqhawe kaDavide; uJasobham, umHagimoni, inhloko yezikhulu; waphakamisela umkhonto wakhe phezu kwamakhulu amathathu abawahlula kanyekanye.


Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.


Wafumana umhlathi wembongolo entsha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo inkulungwane yamadoda.


Kodwa abanye abaJuda ababesezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala ezitheni zabo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu, kepha ababambanga izandla zabo empangweni.


Ngalolo suku uJehova uyobavikela abakhileyo eJerusalema; obuthakathaka phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide; indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova phambi kwabo.


Kumelwe nithumele impi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli inkulungwane esizweni ngasinye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite