Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:42 - Contemporary Zulu Bible 2024

42 Ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama; futhi ngizocabanga ngezwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:42
26 Referans Kwoze  

Kepha mina ngiyakukhumbula isivumelwano sami nawe ezinsukwini zobusha bakho, ngikumisele isivumelwano esiphakade.


Wasikhumbula isivumelwano sakhe kubo, waphenduka ngokobukhulu besihe sakhe.


Futhi ngezwa ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli, abaseGibhithe abagqilazayo; ngakhumbula isivumelwano sami.


UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo, uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele;


Khona-ke uJehova uyakuba nomhawu ngezwe lakhe, abe nesihe kubantu bakhe.


Owasikhumbula ekuthotshisweni kwethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu olesihawu;


Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.


Ngokuba u-Abrahama walilalela izwi lami, wagcina umyalo wami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.


Uthingo luyakuba sefwini; futhi ngizobheka kuso, ukuze ngicabange ngesivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izidalwa eziphilayo zayo yonke inyama esemhlabeni.


Ngiyakukhumbula isivumelwano sami esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; futhi amanzi ngeke esaba uzamcolo wokubhubhisa yonke inyama.


UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizokutshela ngalo:


Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho;


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


Izwe engalinika u-Abrahama no-Isaka ngiyakulinika wena, nenzalo yakho emva kwakho ngiyakulinika izwe.


Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.


Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na?


Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.


UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.


Khumbula izinceku zakho, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ungabheki inkani yalaba bantu, nobubi babo, nesono sabo.


Ngokuba uJehova uyakuhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, abahlalise ezweni labo; abafokazi bayakuhlangana nabo, banamathele endlini kaJakobe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite