Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:37 - Contemporary Zulu Bible 2024

37 Bayowela omunye komunye njengenkemba, kungekho obaxoshayo; futhi ngeke nibe namandla okuma phambi kwezitha zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

37 Bayakukhubeka omunye ekhutshwa ngomunye kungathi babalekela inkemba, kodwa kube kungekho muntu obaxoshayo. Aniyukuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:37
12 Referans Kwoze  

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.


Ngoba noma benilichithe lonke ibutho lamaKaledi alwa nani, kwasala abalimele phakathi kwabo, nokho bebeyakuma, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, awushise lo muzi ngomlilo.


Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Abangamakhulu amathathu bavuthela izimpondo, uJehova wabeka inkemba yalowo nalowo kumngane wakhe nakuyo yonke impi;


Ningakhuphuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngibekela laba bantu izithiyo, oyise namadodana bawe phezu kwazo kanyekanye; umakhelwane nomngane wakhe bazobhubha.


Wawisa abaningi, omunye wawela omunye, bathi: “Sukani, sibuyele kubantu bakithi nasezweni lokuzalwa kwethu, siphuma enkembeni echobozayo.”


Umgadi wehhashi uphakamisa inkemba ekhazimulayo kanye nomkhonto ocwebezelayo, futhi kukhona uquqaba lwababulewe nenani elikhulu lezidumbu; nezidumbu zabo azipheli; bakhubeka phezu kwezidumbu zabo;


AmaFilisti azihlelela ukulwa no-Israyeli; babulala endle amadoda angaba yizinkulungwane ezine.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite