Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:28
16 Referans Kwoze  

Ngokwezenzo zabo uzabuyisela kubo ulaka kwabamelene layo, lokuphindisela ezitheni zakhe; eziqhingini uyobuyisela isinxephezelo.


Ngalokho nami ngiyakwenza ngokufutheka; iso lami aliyikuhawukela, angiyikuba nesihawu;


Ngakho kuyakuba yihlazo nehlazo, isijeziso nesimangaliso ezizweni ezikuhaqayo, lapho ngenza izijeziso phezu kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangokusola okuvuthayo. Mina Jehova ngikukhulumile.


Ngakho ulaka lwami luzaphela, ngibeke ulaka lwami phezu kwabo, ngiduduzeke; ziyakwazi ukuthi mina, Jehova, ngikukhulumile ngokushisekela kwami, lapho sengigcwalise ukufutheka kwami kubo.


Mina ngokwami ngiyolwa nani ngesandla eseluliweyo nangengalo enamandla, yebo, ngentukuthelo nangokufutheka nangentukuthelo enkulu.


Ngokuba bhekani, uJehova uyakuza ngomlilo nezinqola zakhe njengesivunguvungu, ukuze abekezelele ulaka lwakhe ngolaka nokusola kwakhe ngamalangabi omlilo.


Mina ngedwa nginyathele isikhamo sewayini; phakathi kwabantu kwakungekho nami, ngokuba ngiyakubanyathela ngentukuthelo yami, ngibanyathele ngokufutheka kwami; igazi labo liyofafazwa ezingutsheni zami, ngingcolise zonke izingubo zami.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


UNkulunkulu unomona, uJehova uyaphindisela; uJehova uyaphindisela, unolaka; uJehova uyaphindisela kwabamelene naye, azigcinele izitha zakhe ulaka.


Ulaka alukho kimi; Bengizodlula kuzo, ngizishise kanyekanye.


Khona-ke ngiyohamba ngokumelene nani futhi nginijezise kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Futhi uma ningafuni ukungilalela zonke lezi zinto, kodwa nihambe ngokumelene nami;


Futhi nami ngahamba ngokumelene nabo futhi ngabaletha ezweni lezitha zabo; uma izinhliziyo zabo ezingasokile zithotshiswa, bese besamukela isijeziso sobubi babo;


Unike omakhelwane bethu kasikhombisa esifubeni sabo ihlazo labo abakuhlambalaza ngalo, Jehova.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululelwa kule ndawo, phezu kwabantu, naphezu kwezilwane, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba; futhi uyovutha futhi ungacimi.


UJehova ulugcwalisile ulaka lwakhe; Wathulula ukufutheka kwakhe, waphemba umlilo eSiyoni, waqeda izisekelo zalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite