Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ningabi yizigqila zabo; ngagqabula izibopho zejoka lenu ngakwenza ukuma uqonde.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:13
18 Referans Kwoze  

Isihlahla sasendle siyakuthela isithelo saso, nomhlabathi uthele izithelo zawo, balondeke ezweni labo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngephula izibopho zejoka labo, ngibakhulule. Isandla sabazisebenzelayo.


O Jehova, isibili, ngiyinceku yakho; ngiyinceku yakho nendodana yencekukazi yakho; Uzithukululile izibopho zami.


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ngininike izwe laseKhanani futhi ngibe nguNkulunkulu wenu.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Ngokuba kimi abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Kodwa ngizawunikela esandleni sabacindezelayo; abathi emphefumulweni wakho: Khothama, ukuze siwele; wabeka umzimba wakho njengomhlaba nanjengendlela yabadlulayo.


Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; zingathengiswa zibe yizigqila.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


NaseThehafenehesi usuku luyakuba mnyama, lapho ngephula khona amajoka aseGibithe; ubukhazikhazi bamandla akhe buyophela kulo, ifu liyakusibekela, namadodakazi alo aya ekuthunjweni.


Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngezibopho zothando; kubo ngaba njengosusa ijoka emihlathini yabo, ngabanika inyama.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme.


Wandisa isizwe, awukhulisanga intokozo;


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngephulile ijoka lenkosi yaseBabele.


Futhi ngiyobuyisela kule ndawo uJekoniya indodana kaJehoyakimi inkosi yakwaJuda kanye nabo bonke abadingisiwe bakwaJuda abaya eBhabhiloni,” kusho uJehova. Ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.


Ngokuba manje ngiyakulaphula ijoka lakhe kuwe, ngiphule amaketanga akho abe yizicucu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite