Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 25:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kuyakuthi ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa nivuthe icilongo ngomnyaka wejubili; ngosuku lokubuyisana niyakubetha icilongo ezweni lakini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Uyoshaya icilongo limpompoloze kuzwakale kulo lonke izwe lakini, ngosuku lweshumi lwenyanga yesikhombisa, okuwusuku lokubuyisana.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 25:9
20 Referans Kwoze  

Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Ngenyanga yesikhombisa, ngolokuqala lwenyanga kuzakuba kini isabatha, isikhumbuzo sokubethwa kwamacilongo, umbuthano ongcwele.


Ngosuku lweshumi lwale nyanga yesikhombisa kumelwe kube usuku lokubuyisana; liyakuba yinhlangano engcwele kini; futhi kumelwe niyihluphe imiphefumulo yenu futhi ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.


Ngokuba izwi leNkosi lazwakala livela kini, kungesikho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha nasezindaweni zonke ukukholwa kwenu kuNkulunkulu kwanda; ukuze singadingi ukukhuluma utho.


ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.


Kodwa ngithi: Kabezwanga yini? Yebo, impela, izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.


Babusisiwe abantu abayaziyo intokozo; bayakuhamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.


Kuyakuthi lapho umnyaka wejubili labantwana bakwa-Israyeli, ifa labo lengezwe efeni lesizwe athathwa kuso; kanjalo ifa labo liyakususwa efeni lesizwe sawobaba.


Ngosuku lokuthokoza kwenu nangezinsuku zemikhosi yenu nasekuqaleni kwezinyanga zenu niyakuvuthela amacilongo phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kweminikelo yenu yokubonga; ukuze zibe yisikhumbuzo kini phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Ngomnyaka wejubili isiqephu sezwe siyakubuyela kulowo esathengwa kuye, kumnikazi wezwe.


Uma engcwelisa isiqephu sezwe sakhe kusukela ngomnyaka wejubili, siyakuhlala simi njengokulinganisa kwakho.


Ngokuba ngalolo suku umpristi uyakunenzela ukubuyisana ukuba anihlambulule, nihlambuluke ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.


Lapho eseqedile ukwenzela indlu engcwele isihlawulelo, netende lokuhlangana ne-altare, kumelwe alethe impongo ephilayo.


Kumelwe uzibalele amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa ephindwe kasikhombisa; isikhathi seminyaka eyisikhombisa yamasabatha siyakuba yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye kini.


Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi bashaye amacilongo.


Kuyakuthi ngalolo suku kukhale icilongo elikhulu, bafike abase-Asiriya abaxoshwa ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Lokhu kuyakuba yisimiso kini esiphakade: ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi lwenyanga niyocindezela imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, kungakhathaliseki ukuthi ungowakini noma ungowezizwe. Ohlala phakathi kwenu.


Egameni lakho bayakujabula usuku lonke, baphakanyiswe ngokulunga kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite