Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 25:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Okumilayo koyedwa esivunweni sakho akumelwe ukuvune, futhi akumelwe uzinqume izithelo zomvini wakho, ngoba kuwunyaka wokuphumula kwezwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha; kuyakuba ngumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Amakhikhizela esivuno sakho awuyukuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyukuzikha; kuyakuba ngunyaka wokuphumula kwezwe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 25:5
5 Referans Kwoze  

Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: Kulo nyaka niyakudla okuqhamuke kodwa; ngomnyaka wesibili usuka kuwo, ngomnyaka wesithathu nihlwanyele, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Lokhu kuyakuba-yisibonakaliso kuwe: Niyakudla izimilile zodwa kulo nyaka, nangomnyaka wesibili okumilile kukho; ngomnyaka wesithathu nihlwanyele, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba yisabatha lokuphumula kwezwe, isabatha leNkosi; awuyikulima insimu yakho, ungathena isivini sakho.


Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kini; ngawe, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nesisebenzi sakho, nomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe;


Umnyaka wejubili uyakuba kini umnyaka wamashumi ayisihlanu; aniyikuhlwanyela, ningavuni okuzimisileyo kuwo, ningabuthi khona izithelo zomvini wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite