Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 25:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Niyakungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele ukukhululwa ezweni kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba ngumnyaka wejubili kini; nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo emndenini wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili* kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 25:10
30 Referans Kwoze  

Leli yizwi elafika kuJehova kuJeremiya ngemva kokuba inkosi uZedekiya yenze isivumelwano nabo bonke abantu ababeseJerusalema ukuba bakhalele ukukhululwa kwabo;


Ngokuba usuku lwempindiselo lusenhliziyweni yami, nomnyaka wokuhlengwa kwami usufikile.


njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.


Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.


Ngonyaka waleli jubili kumelwe nibuyele, kube yilowo nalowo empahleni yakhe.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.


Kepha iNkosi inguMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.


Ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi;


owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa.


ukuze uthi kuzo izibotshwa: Phumani; kwabasebumnyameni zibonakaliseni. Bayoklaba emigwaqweni emikhulu, namadlelo abo ayoba phezu kwazo zonke izindawo eziphakemeyo.


Ngubani phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe? uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, (unguNkulunkulu) eseJerusalema.


Umnyaka wejubili uyakuba kini umnyaka wamashumi ayisihlanu; aniyikuhlwanyela, ningavuni okuzimisileyo kuwo, ningabuthi khona izithelo zomvini wenu.


Uma engahlengwanga ngaleyo minyaka, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye.


Kodwa uma sinika enye yezinceku zaso isipho efeni laso, siyoba ngesaso kuze kube unyaka wenkululeko; emva kwalokho liyakubuyela esikhulu, kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.


Khona-ke uyakusuka kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele emndenini wakhe, abuyele efeni lawoyise.


Lapho zonke izikhulu nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni bezwa ukuthi, kwaba yilowo nalowo kwakumelwe adedele inceku yakhe nencekukazi yakhe ukuba ihambe, ukuze bangabe besabakhonza, balalela bahambe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite