Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kuyakuba ngelika-Aroni nelamadodana akhe; bayakukudla endaweni engcwele, ngokuba kungcwelengcwele kuye okuvela eminikelweni yomlilo kaJehova njengesimiso esiphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ziyakuba ngezika-Aroni namadodana akhe, bayozidlela endaweni engcwele, ngoba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaSimakade; ngokwesimiso esiphakade.”

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:9
17 Referans Kwoze  

UMose wayesethi ku-Aroni nakumadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle khona nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngokuthi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla. It.


Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa, wadla, wanika nababe naye; okungavunyelwe ukudliwa ngaphandle kwabapristi bodwa?


Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye?


Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, okwakungavunyelwe yena ukuthi azidle, nalabo ababenaye, kubapristi bodwa?


Kungani ningawudli umnikelo wesono endaweni engcwele, lokhu ungcwelengcwele, futhi uNkulunkulu waninika wona ukuba nithwale ububi benhlangano ukuba niwenzele ukubuyisana phambi kukaJehova na?


Okusele kuwo kumelwe kudle u-Aroni namadodana akhe; uyakudliwa kanye nesinkwa esingenamvubelo endaweni engcwele; bayakukudla egcekeni letende lokuhlangana.


Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, kuphela isinkwa sokubukwa esasisuswe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esifudumele ngosuku esisuswa ngalo.


Kumelwe adle isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele kanye nesabangcwele.


Kodwa lina liyalingcolisa ngokuthi: Itafula leNkosi lingcolisiwe; nesithelo sawo, yebo, ukudla kwawo kunengekile.


Ubuthele yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli uyise engowaseGibithe yaphuma phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli;


Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi, u-Aroni namadodana akhe bayakuyala lokhu phambi kukaJehova kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni: kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo kubantwana bakwa-Israyeli.


Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala, ukuthi ningadli amanoni nagazi.


Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: Nanku umthetho womnikelo wokushiswa: Lona ngumnikelo wokushiswa womlilo ophezu kwe-altare ubusuku bonke kuze kuse, nomlilo we-altare uyakuvutha phezu kwawo.


Kumelwe akhumule izingubo zakhe agqoke ezinye izingubo, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile.


UMose wakhuluma ku-Aroni, no-Eleyazare, naku-Itamari, amadodana akhe asalayo: “Thathani umnikelo womlilo oseleyo eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle e-altare ungenamvubelo, ngokuba ungcwelengcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite