Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha acwengekileyo agqunyiwe okukhanyisa ukuze izibani zivutha njalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zivuthe njalonjalo,

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:2
27 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo, nina-ke nathanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.


Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zenu zivutha;


Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.


UMoya kaJehova uyakuba phezu kwakhe, uMoya wokuhlakanipha nowokuqonda, uMoya weseluleko nowamandla, uMoya wokwazi nowokumesaba uJehova;


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


Ngokuba umyalo uyisibani; futhi umthetho ungukukhanya; nokusola kokufundisa kuyindlela yokuphila;


Ukufakwa kwamazwi akho kuyakhanyisa; kunikeza ukuqonda kwabangenalwazi.


MANJE. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


Basebehlabela uJehova iminikelo yokutshiswa lempepha yamakha njalo ekuseni lakusihlwa njalo; nezinkwa zokubukwa bazihlela etafuleni elihlanzekile; nothi lwesibani lwegolide nezibani zalo zivutha njalo kusihlwa; kepha nina nimshiyile.


Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu.


uthi lwezibani oluhlanzekile nezibani zalo, nezibani zokulungiswa, nezinto zalo zonke, namafutha okukhanyisa,


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuyala njalo, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite