Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, inhlangano yonke imkhande ngamatshe; kokubili umfokazi nowokuzalwa ezweni, lapho ehlambalaza iGama leNkosi, uyabulawa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:16
19 Referans Kwoze  

Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.


Abahlambalazi yini igama elihle enibizwa ngalo na?


Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa.


Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.


Nicabangani? Baphendula bathi: Unecala lokufa.


Ngokuba bakhuluma kabi ngawe, nezitha zakho ziliphatha ngeze igama lakho.


Khumbula ukuthi isitha sithukile, Jehova, nokuthi abantu abayiziwula balihlambalazile igama lakho.


O Nkulunkulu, koze kube nini isitha sihlambalaza? isitha sihlambalaza igama lakho kuze kube phakade na?


Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.


Nizwile ukuhlambalaza; nithini na? Base bemlahla bonke ngokuthi unecala lokufa.


AmaJuda amphendula athi: Thina silomlayo, langokomlayo wethu ufanele ukufa, ngoba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.


Bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe; ofakazi babeka izingubo zabo ezinyaweni zensizwa egama layo linguSawule.


Ungahlambalazi onkulunkulu, ungathuki umbusi wabantu bakini.


UDavide wazilungiselela, wahamba nabo bonke abantu ababe naye besuka eBali lakwaJuda ukuyokhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu ogama lakhe liyigama likaJehova Sebawoti, ohlala phakathi kwamakherubi letha.


Uzakuthi kubantwana bakoIsrayeli: Yilowo lalowo wabantwana bakoIsrayeli loba owezizwe ohlala kwaIsrayeli, onikela inzalo yakhe kuMoloki; kufanele abulawe impela; abantu bezwe bayakumkhanda ngamatshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite