Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bazihlukanise nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli, bangangcolisi igama lami elingcwele ezintweni abazingcwelisa kimi; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Khuluma ku-Aroni namadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, abazehlukanisela Mina njengezingcwele, ukuze bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:2
16 Referans Kwoze  

Wonke amazibulo aphuma ezinkomo zakho nasemhlambini wakho wezimvu nezimbuzi, wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikwenza msebenzi ngezibulo lenkunzi yakho, ungaliphuculi izibulo lezimvu zakho.


Ungavumeli noyedwa wenzalo yakho ukuba adabule uMoloki emlilweni, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho. Mina nginguJehova.


Futhi aniyikuthwala isono ngalokho, uma nisusa okuhle kukho; aniyikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli, funa nife.


Futhi akumelwe ungcolise igama lami elingcwele; ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo;


Ningafungi amanga ngegama lami, ningahlambalazi igama likaNkulunkulu wenu; nginguJehova.


Kumelwe ibe sebunzini lika-Aroni, ukuze u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abayozingcwelisa kuzo zonke izipho zabo ezingcwele; njalo izakuba sebunzini lakhe, ukuze bamukeleke phambi kweNkosi.


uyakuhlukanisela uJehova konke okuvula isizalo, nawo onke amazibulo ezilwane onazo; abesilisa bayakuba ngabakaJehova.


Kumelwe babe ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangangcolisi igama likaNkulunkulu wabo; ngoba baletha iminikelo yomlilo kaJehova lesinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume phakathi kwabantu bakubo; ngoba wanika uMologi enye inzalo yakhe ukuze angcolise indlu yami engcwele futhi angcolise ibizo lami elingcwele.


Ngakho kumelwe uhlukanise abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo; funa bafe ekungcoleni kwabo, uma bengcolisa itabernakele lami eliphakathi kwabo.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngathi kubo: “Ningcwele kuJehova; izinto nazo zingcwele; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo.


Sukani, sukani, lisuke lapho, lingathinti okungcolileyo; phuma kuye; Hlambuluka nina eniphatha izitsha zikaJehova.


Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nanikela inkonzo yami endlini yami engcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite