Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uyakunikela ngeduna elingenasici, lenkomo, noma imvu, noma lezimbuzi, njengokuthanda kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ukuze amukeleke, uyonikela ngeduna lenkomo elingenasici noma lemvu noma lembuzi.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:19
21 Referans Kwoze  

Uma umnikelo wakhe ungowasemhlambini, owezimvu noma ezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa; kumelwe alethe owesilisa ongenasici.


Uma umhlatshelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wezinkomo, uyakuletha iduna elingenasici; woliletha ngokuzithandela phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;


Kodwa ngegazi likaKristu eliligugu, njengelewundlu elingelasici lengelasici.


ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.


Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.


UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuthi angifumani cala kuye.


Induna yekhulu isibonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, ithi: “Nempela lo ubengumuntu olungileyo.


Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi.


Wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu njengophambukisa abantu;


Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.


Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina.


Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.


esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena.


Uma eletha iwundlu libe ngumnikelo wesono, kumelwe alethe imvukazi engenasici.


Iwundlu lakho kumelwe libe elingenasici, eliduna elinonyaka owodwa; uyakulithatha ezimvini noma ezimbuzini.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


Ngokuba noma ubani onesici makangasondeli: impumputhe noma isishosha noma onekhala eliyisiqhwaga noma okudicilelekayo,


Uma kunesici kulo, eliqhugayo noma liyimpumputhe, noma linesici esibi, aniyikunikela ngalo kuJehova uNkulunkulu wenu.


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Uba omunye wenu eletha umnikelo eNkosini, uzanikela ngomnikelo wakhe wenkomo, owenkomo lomhlambi wezimvu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite