Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 21:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, ingcolisa uyise; kumelwe ashiswe ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “ ‘Uma indodakazi yomphristi izingcolisa ngokufeba, ihlambalaza uyise; iyoshiswa ngomlilo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 21:9
16 Referans Kwoze  

Kwathi emva kwezinyanga ezintathu watshelwa uJuda ukuthi: UTamari umalokazana wakho uphingile; futhi bheka, ukhulelwe ngokuphinga. Wathi uJuda: “Mkhipheni, amshiswe.”


Ungaphingi nendodakazi yakho ukuze uyenze isifebe; funa izwe liwele ebufebeni futhi izwe ligcwale ububi.


uma ekhona ongasolekiyo, eyindoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangabekwa icala lokungalaleli noma abangalaleli.


Bheka, ngiyakuchitha inzalo yakho, ngithele umquba ebusweni bakho, yebo, ubulongwe bemikhosi yakho; futhi omunye uzokususa kanye nayo.


Bulalani amaxhegu, abasha, izincekukazi, nabantwana, nabesifazane, kepha ningasondeli kunoma yimuphi umuntu onophawu; futhi uqale endaweni yami engcwele. Base beqala ngamakhehla ayephambi kwendlu.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe esiyakwehlela amadodana akho omabili, phezu kukaHofini noFinehasi; ngelinye ilanga bayofa bobabili.


Ngakho isono sabafana saba sikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngoba abantu babewuzonda umnikelo kaJehova.


Wayesethi uJoshuwa: “Usethuseleni na? uJehova uyakunesabisa namuhla. Wonke u-Israyeli wamkhanda ngamatshe, wabashisa ngomlilo, esebakhanda ngamatshe.


Othathwe nempango uyakushiswa ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba wephule isivumelwano sikaJehova nangenxa yokuthi wenze ubuwula kwa-Israyeli.


Uma indoda ithatha umfazi kanye nonina, kungububi; bayakushiswa ngomlilo, yona kanye nabo; ukuze kungabi khona ububi phakathi kwenu.


Ngakho anogcina isabatha; ngoba lingcwele kini; oyingcolisayo wobulawa nokubulawa; ngoba noma ubani owenza noma yimuphi umsebenzi kulo, lowo mphefumulo kumelwe unqunywe phakathi kwabantu bakubo.


Khona-ke kumelwe bayikhiphele intombazane emnyango wendlu kayise, amadoda omuzi wakubo kumelwe ayikhande ngamatshe, ize ife, ngoba yenze ubuwula kwa-Israyeli ngokufeba endlini kayise; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite