Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 21:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Khuluma ku-Aroni uthi: Yilowo lalowo owenzalo yakho ezizukulwaneni zabo olesici makangasondeli ukuze anikele isinkwa sikaNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Umuntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “Khuluma ku-Aroni uthi: ‘Akukho muntu okhubazekile ozalweni lwakho, ezizukulwaneni zalo, oyakusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 21:17
12 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu omkhethayo, umvumele asondele kuwe, ukuze ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, okwethempeli lakho elingcwele.


Wakhuluma kuKora nakuso sonke isixuku sakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwenza kwaziwe ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele; futhi makasondele kuye; futhi lowo amkhethileyo uyomenza ukuba asondele kuye.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;


Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;


Nina ningofakazi, noNkulunkulu naye, ukuthi saba ngcwele kanjani, nangokulunga, nokungasoleki phakathi kwenu nina enikholwayo;


Kakungasondeli muntu owenzalo kaAroni umpristi anikele iminikelo yomlilo yeNkosi; unesici; ngeke asondele ukuze anikele isinkwa sikaNkulunkulu wakhe.


Kumelwe babe ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangangcolisi igama likaNkulunkulu wabo; ngoba baletha iminikelo yomlilo kaJehova lesinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.


Umpristi kumelwe awuthungele ngomlilo e-altare; kungumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi; wonke amanoni angakaJehova.


Umpristi uyakuwukhanyisa e-altare: kungumnikelo wokushiswa kuJehova.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite