Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 20:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umphefumulo ophendukela emimoyeni yabafileyo nakubathakathi ukuba ufebe emva kwabo, ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngiwunqume phakathi kwabantu bakubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 20:6
17 Referans Kwoze  

Ningayinaki imimoya yabafileyo, ningafuni abathakathi ukuba ningcoliswe yiyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Nxa bethi kini: Bhekani imimoya yabafileyo nabathakathi abaqamekelayo, abavungamayo; abantu abayikumfuna uNkulunkulu wabo na? kwabaphilayo kwabafileyo na?


Futhi, owesilisa noma owesifazane onomoya wemvelo yokuxhamazela noma umthakathi kumelwe nakanjani abulawe; kumelwe bakhandwe ngamatshe; igazi labo liyakuba phezu kwabo.


Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; ubabhubhisile bonke abaphinga kuwe.


Abantu bami babuza enqoleni yabo, udondolo lwabo luyabatshela, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, baphingile phansi kukaNkulunkulu wabo.


Abaphunyukileyo kini bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayothunjelwa kuzo, ngokuba ngiphukile izinhliziyo zabo eziyisifebe ezingishiyileyo namehlo abo aphinga nezithombe zabo; banengwe ngenxa yobubi ababenzile kuzo zonke izinengiso zabo.


Kuyakuba kini njengensephe, ukuze niyibone, nikhumbule yonke imiyalo yeNkosi, niyenze; futhi ungazifuneli eyakho inhliziyo namehlo akho owafeba ngemva kwawo.


Kwasekusithi siyakukhuleka, intombazana ethile eyayilomoya wokubhula yasihlangabeza, eyayizuzela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Ungavumeli umthakathi aphile.


Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.


Khona-ke ngiyobhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe ngimnqume kanye nabo bonke abaphingayo ngemva kwakhe ukuze baphinge noMoloki, basuke phakathi kwabantu bakubo.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngibhekise ubuso bami kini ukuba ngenze okubi, ngichithe wonke uJuda.


Uma uyise enqaba nokumnika yona, kumelwe akhokhe imali njengelobolo lezintombi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite