Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 20:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Akumelwe nihambe ngezindlela zesizwe engisixosha phambi kwenu; ngokuba benze zonke lezi zinto, ngase ngibenyanya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu, ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Aniyukuhamba ngezimiso zezizwe engizozixosha phambi kwenu, ngokuba zenzile zonke lezi zinto; nganengwa yizo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 20:23
11 Referans Kwoze  

Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Ningazingcolisi nganoma iyiphi yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezi izizwe engizixosha phambi kwenu zingcolisiwe;


Ngakho anogcina isiyalezo sami, ukuze ningenzi nayiyodwa yalezi zenzo ezinengekayo ezenziwa ngaphambi kwenu, ningangcolisi ngazo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Njengokwezenzo zezwe laseGibithe enahlala kulo, aniyikwenza; futhi ningenzi njengokwenza kwezwe laseKhanani enginiyisa kulo; futhi aniyikuhamba ngezimiso zabo.


Ngokuba zonke lezi zinengiso bazenza abantu bezwe ababengaphambi kwenu, izwe langcoliswa;


Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.


UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wazonda u-Israyeli.


Izwe liyangcoliswa; ngalokho ngiyakuhambela ububi bakhe phezu kwalo, izwe liyabakhafula abakhileyo kulo.


Khuluma kubantwana bakoIsrayeli uthi kubo: NgiyiNkosi uNkulunkulu wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite