Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:18
30 Referans Kwoze  

Ngoba lokhu ukuthi: Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungafi; uma kukhona omunye umyalo, kufinyelelwe kuleli zwi lokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Ngokuba umthetho wonke ugcwaliswa ezwini linye nakuleli; Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;


Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.


Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke.


Kepha manje nani lahlani zonke lezi; ulaka, nolaka, nenzondo, nokuhlambalaza, nokukhuluma amanyala emlonyeni wenu.


Makususwe kini konke ukufutheka, nolaka, nentukuthelo, nomsindo, nokuhlambalaza, kanye nakho konke okubi.


Ungasho ukuthi: Ngiyakubuyisela okubi; kepha lindela uJehova, uyakukukhulula.


Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba;


Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, mina ngiyakubuyisela,” isho iNkosi. Futhi futhi: INkosi izakwahlulela abantu bayo.


Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na?


Ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe kube kuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba ayiphatheli ize inkemba, ngokuba iyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubuyisela ulaka kowenza okubi.


U-Abisalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini, nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ bese nimbulala, ningesabi. Anginiyalanga na? yiba nesibindi futhi ube nesibindi.


U-Abisalomu akakhulumanga okuhle nokubi ku-Amnoni umfowabo, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu ephoqile udadewabo uTamari.


Inkemba evela ngaphandle nokwesaba okuvela ngaphakathi kuyobhubhisa insizwa kanye nentombi, nosane kanye nendoda esempunga.


Ukukhonza izithombe, ubuthakathi, inzondo, ukuxabana, umona, ulaka, ukuxabana, ukuhlubuka, ukuhlubuka,


Akayikuxabana njalo, akayikugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade.


Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.


Lomyalo sinawo uvela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.


ULameka wasesithi kubafazi bakhe: UAda loSila, Zwanini ilizwi lami! Madodakazi akwaLameka, lalelani izwi lami, ngoba ngibulale indoda ngenxeba lami nensizwa ngokulimala kwami.


Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.


Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.


Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha.


Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite