Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho; womkhuza noma kanjani umakhelwane wakho, ungathwali sono kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “ ‘Awuyukumzonda umfowenu enhliziyweni yakho. Uyomkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kodwa ungabi nasono ngaye.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:17
23 Referans Kwoze  

Lowo othi usekukhanyeni, kodwa ezonda umzalwane wakhe, usebumnyameni kuze kube manje.


Ziqapheleni nina; uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.


Kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.


Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.


Abathi besazi ukwahlulela kukaNkulunkulu, ukuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abakwenzi lokho kuphela, kodwa bathokozela abakwenzayo.


Ungamkhuzi umdeleli, funa akuzonde; khuza ohlakaniphileyo, uyakukuthanda.


Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.


Lobu bufakazi buqinisile. Ngakho-ke ubakhuze kabukhali, ukuze baphile ekukholweni;


Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Ungasheshi ubeke izandla phezu komuntu, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye; zigcine uhlanzekile.


Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze labanye besabe.


Kepha nina nizikhukhumezile, kunalokho alililanga, ukuze asuswe phakathi kwenu owenze lesi senzo.


Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu;


U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.


U-Abisalomu akakhulumanga okuhle nokubi ku-Amnoni umfowabo, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu ephoqile udadewabo uTamari.


Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite