Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 18:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kumelwe nigcine izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi neyodwa yalezi zinengiso; kungabi khona owesizwe sakini, noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezo zinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Niyakugcina izimiso zami nezehlulelo zami, aniyukwenza nesisodwa salezi zinengiso, noma ngabe ngowolibo noma ngumfokazi ogogobele phakathi kwenu,

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 18:26
16 Referans Kwoze  

Ngakho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ekwenza lokhu, makahlale kulo; nginguJehova.


Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.


Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.


Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.


Ngakho anogcina isiyalezo sami, ukuze ningenzi nayiyodwa yalezi zenzo ezinengekayo ezenziwa ngaphambi kwenu, ningangcolisi ngazo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Futhi wonke umuntu wendlu ka-Israyeli noma kubafokazi abagogobeleyo phakathi kwenu, abadla noma yiliphi igazi; ngizamisa ubuso bami bumelane lomphefumulo odla igazi, ngiwuqume phakathi kwabantu bakibo.


Wothi kubo: Yilowo nalowo wendlu yakwa-Israyeli noma owezizwe ohlala njengowezizwe phakathi kwenu oletha umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo,


Izwe liyangcoliswa; ngalokho ngiyakuhambela ububi bakhe phezu kwalo, izwe liyabakhafula abakhileyo kulo.


Ngokuba zonke lezi zinengiso bazenza abantu bezwe ababengaphambi kwenu, izwe langcoliswa;


Kwakukhona nabaseSodoma ezweni, benza njengazo zonke izinengiso zezizwe uJehova azixosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite