Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 17:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba umphefumulo wenyama usegazini, futhi ngininikile lona e-altare ukwenza ukubuyisana kwemiphefumulo yenu; ngoba ligazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 17:11
24 Referans Kwoze  

Ngomthetho cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi; futhi ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena esekukhanyeni, sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu Kristu iNdodana yakhe liyasihlambulula kuso sonke isono.


ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu;


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Wasesithi kubo: Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elichithelwa abanengi.


Kepha inyama enomphefumulo wayo, okuyigazi layo, aniyikuyidla.


esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono;


Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


Ngokuba lokhu kungukuphila kwayo yonke inyama; igazi lawo lingenxa yomphefumulo wakhe; ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: Aniyikudla igazi lanoma iyiphi inyama; ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; wonke umuntu oyidlayo uyakunqunywa.


ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.


esenze ukuthula ngegazi lesiphambano sakhe, abuyisane ngayo zonke izinto; ngaye, noma kungokusemhlabeni, noma okusezulwini.


Ngakho-ke sesilungisisiwe ngegazi lakhe kakhulu, siyakusindiswa ngaye olakeni.


Wayihlaba; uMose walithatha igazi, walifafaza ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakhe nxazonke, walihlambulula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba enze ukubuyisana ngalo.


yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.


U-Aroni kumelwe alethe inkunzi yakhe yomnikelo wesono azenzele yena nendlu yakhe isihlawulelo, ahlabe inkunzi yomnikelo wesono eyakhe.


Kumelwe ahlabe inkunzi phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elisemnyango wetende lokuhlangana.


Ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Makungabikho muntu kini odla igazi, nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.”


Umpristi kumelwe athathe igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa futhi igazi lalo alithulule ngezansi e-altare lomnikelo wokushiswa.


Kumelwe athungele wonke amanoni awo emlilweni e-altare njengamanoni omnikelo wokubonga; umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe, aze uthethelelwe.


Qaphelani nje ukuthi kalidli igazi, ngoba igazi liwukuphila; futhi aniyikudla ukuphila kanye nenyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite