Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Aroni kumelwe enze inkatho ngalezi zimbuzi ezimbili; enye inkatho ngekaJehova, enye ngeka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili, enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 U-Aroni uyakwenza unkatho ngezimpongo zombili, olunye unkatho lube ngolukaSimakade, olunye unkatho lube ngoluka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:8
12 Referans Kwoze  

Basebesithi, ngulowo kumngane wakhe: Wozani senze inkatho, ukuze sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Benza inkatho, inkatho yawela uJona.


Inkatho yenzelwa emathangeni; kepha konke ukulunga kwakho kungokukaJehova.


Leli yizwe okumelwe ulabele izizwe zakwa-Israyeli ngenkatho njengefa, futhi lezi yizabelo zazo, isho iNkosi uJehova.


Kumelwe nihlukanise izwe ngenkatho phakathi kwezizukulwane zenu; futhi eniyomnika okuningi, ifa elikhulu, futhi omncane, ifa elincane; ifa lawo wonke umuntu kumelwe libe sendaweni lapho isabelo sakhe siwela khona; niyakudla ifa ngokwezizwe zoyihlo.


Kepha izwe liyakuhlukaniswa ngenkatho, ifa ngokwamagama ezizwe zoyise.


Kumelwe athathe izimbuzi ezimbili azibeke phambi kukaJehova emnyango wetende lokuhlangana.


U-Aroni kumelwe alethe impongo inkatho kaJehova ewele phezu kwayo, ayenze ibe ngumnikelo wesono.


Kodwa impongo ewele phezu kwayo inkatho ka-Azazeli kufanele ilethwe iphila phambi kukaJehova ukuze enze ukubuyisana nayo, ayikhulule njengempongo ehlane.


Lowo odedela impongo ka-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, angene ekamu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite