Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Makungabikho muntu etendeni lokuhlangana, lapho engena ukwenza ukubuyisana endlini engcwele, aze aphume, azenzele yena nendlu yakhe, nebandla lonke lika-Israyeli ukubuyisana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana, nxa engena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume, azenzele ukubuyisana, yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Akuyukuba bikho muntu ethendeni lokuhlangana kusukela ngesikhathi angena ngaso ukuyokwenza ukubuyisana endaweni engcwele kuze kube yisikhathi aphuma ngaso; esezenzele yena ukubuyisana nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:17
14 Referans Kwoze  

Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho.


Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.


Makungabikho muntu akhuphuke nawe, futhi kungabonakali muntu kuyo yonke intaba; futhi izimvu nezinkomo zingadli phambi kwaleyo ntaba.


Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;


Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.


Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu;


Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.


Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.


Kumelwe enzele indlu engcwele isihlawulelo ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo kuzo zonke izono zabo; enze njalo etendeni lokuhlangana elihlezi phakathi kwabo phakathi kokungcola kwabo.


Kumelwe aphume aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenze isihlawulelo; uthathe igazi lenkunzi nasegazini lempongo, ulisakaze ezimpondweni ze-altare.


indodana ka-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Eliyeli, indodana kaThowagi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite